NGITSHELE M'NGANI

15 1 0
                                    

Ngitshele m'ngani

Kuyin' ukwazi

Ngiqgoke kahle

Ngiphath'induku

Ngigcwal'umgwagqo   

Ngidley'bovu

Ngangi wum'fundi e-Baweze Primary School eLokishini elibizwa ngokuthi i-Ekangala uma ngifunda lenkondlo em'nandi.

Ngangingazi ukuthi isho ukuthini lenkondlo engaphezulu, njengoba namanje ngisazo thatha is'khathi sokubuyela emuva ngizikhumbuze engakufundiswa othisha bami ngisem'ncane. Ngaphambi kokuthi ngijule ngom'sebenzi wes'kole engangiw'thanda, angiqale ngokuni xoxela ngesikhathi sami ngisafunda e-Baweze. Ngizoni balisela ngakhokonge engikubona njengalento ekuthiwa ama- defining moments in life. Izinkumbulo ezigqamile emqondweni wami uma ngicabanga ngesikhathi sami es'koleni i-Baweze.

Ngafikela ezandleni zikathisha u-Maam Makuwa owayekhanya ngebala futhi emkhulu. Ngiyacabanga ukuthi ingqondo yami eyaying'tshela ukuthi mkhulu kakhulu ngoba mina ngangiyingane eneminyaka ewu 5. Sisakhuluma ngeminyaka; ngikhumbula ngibuzwa wuye uthisha wami wok'qala ukuthi ngineminyaka emingangi.

Impendulo yami yathi, ngina 5 ekhaya kodwa ngina 6 esk'olweni.

Uma uqagela ukuthi lokhu kwaba yihlaya, ushaye khona impela. Njengomuntu ozalwe ngo December 27, kwakungixaka ukuthi abantu engizalwe nabo ngonyaka owodwa badala kumina ngoba olwami usuku lokuzalwa lalusek'pheleni konyaka. 

Mana kancane ngikuculelele nali iculo uthisha wami wok'qala, u-Maam Makhuwa ayelibiza ngokuthi i-recitation.

🎶🎶🎶

We Nomathemba! Ushay'we ubani?

Ileyandoda 

Yibiz'izela.

Oh Cha! angifuni.

Ziph'izinkomo?

Zisempulalanga

Uban'ozozilanda?

Sithi wuwe s'bali. Sithi wuwe s'bali.

Ayehl' amathamb' abhekezansi

Akhuphuk'amathamb' abheke phezul'!  🎶🎶

Umfundi engimkhumbula kahle ukuthi wayekhona nami eklasini elilodwa ngifika; kwakuwu Maria. Wayeyingane eyayondlekile futhi ikhanya kunami ngebala.









BAWEZEWhere stories live. Discover now