Baweze Choir

1 0 0
                                    

🎶Bonani nank' amagqab'omthi

Asibobuhle eyokozela

Nanko eswaya okwamakhwenkwe🎶

Ayaswa' amagqabi - Swayani manene

Masiswaaay' 🎶 emanene siyekhaya nomoya

Kuzesidlal' uzena

Ngabantwana abahle. 🎶

Angikwazi ukucabanga lengoma ngingaboni uMaam Mabhena ngamehlo engqondo e-conductor i-choir lethu.

🎶
Hay'bo! Oh hay'bo

Siyadlala🎶

Sekum'nandi

Hozena

🎶Bonan' amagqabi

Nank'ayokozelisa

Nganibone ubuhle bawo🎶

Ngathi ngamaza, amaza olwandle 🎶

🎶Ngathi ngamagwabi om'thi

Ngathi ngalama thafalala

Maaaa - gqaaaa - biiii🎶

Kuzozonke izingoma engazifunda es'koleni sami saphansi, lena iyona ngoma engayithanda ukudlula zonke. U-maam Mabhena osewadlula emhlabeni waye-conduct-ta lengoma ngendlela eyayenza sikuthokozele ukuyicula. Angibanga nalo ithuba lokum'buza kodwa ngikholelwa ukuthi kwakuyintandokazi yakhe lengoma.

Ukuhlabelela kwakuwum'khuba omuhle owawenziwa nanoma ngabe kwakwenzakalani esikoleni. Kwakuhlatshelelwa uma kuhanjwa ne'sikole. Kuculwe uma kunemidlalo e -ground-ndini. Uma kuhlalwa ngesikhathi sekhefu nanoma kuhlanzekiswa amagumbi okufundela.

Kakhulukazi, sasihlabelela mihla namalanga uma sekuzoqala i-class lokiqala ekuseni. Uma singahlabelelanga sonke ku-assemble, onke ama-class abezoziculela wona ngaphambi kokuthi kuthandazwe.

Sasithandaza kunkulunkulu oyedwa futhi bekunhakaze kubekhona umzali okhala ngom'khuleko onegama lika Jesu.


You've reached the end of published parts.

⏰ Last updated: Oct 26, 2023 ⏰

Add this story to your Library to get notified about new parts!

BAWEZEWhere stories live. Discover now