Ngaphambi kokuzithola

5 1 0
                                    

Ngitshele m'ngani

Kuyin'ukwazi

Ukuba yisikhulumi

Ngibatshazwe yizwe lonke

Ngichazane nemithetho

Ngingenal' ulwazi lwayo

Wonke umuntu unento eyake yamenza wangazizwa ewumuntu ofana nabanye. Uma uyingane yesikole, into ekwenza uhluke kuphinde kube yinto ezinye izingane ezikuhlukemeza ngayo. Ngaze ngaqeda isikole ngichukuluzwa ngezilimi zami. Noma ngabe ngangizama kangakanani, ngangihluleka ukusho o-S no Z ngaphandle kokukhipha umoya phakathi kwamazinyo ami. Kwaqala kancane, kwaba yinto enkulu, kwaphinda kwaba yinto wonke umuntu ayijwayele. Okwahlala nami isikhathi eside kwaku wuthisha owayenza ihlaya sengisema klasini aphezulu eBaweze. Yize abaningi babafundi besebejwayele amalimi ama, kwaqala phansi ukuba namahloni ngendlela ebengi khuluma ngayo. 

Ngam'zonda loyathisha wes'mame kodwa ekukhuleni kwami, ngafunda ukuthi, uma umuntu ekwenza uzizwe kabi kusho ukuthi nabo abazizwa kahle. Akukaze kube yinkinga ngami. Kwakuwuyena owayengekho kahle emoyeni. Mina ngangiyilento ebizwa ngokuthi i-outlet ngesingisi.

Futhike yonke into inesifundo ozosidinga empelweni ezayo. Akekho umuntu oke wangenza ngingazithandi ngenxayezici zami emvakwalokho. Yize kwakungekho m'nansi ukucwaswa, kwangenza ngazazi ukuthi nginjani futhi ngasheshe ngakwazi ukuzam'kela. 

Enye yezinto ezazingenza ngizizwe ngihlukile kunezinye izingane, kwaku wubude nokuzaca kwami. Ngangidlula cishe bonke ontanga bami. 

'Mude mude, sbham' senyoni'

Ayikho into eyayingicika njengezisho ezinjalo kodwa ngangenza ngathi akungihluphi. Lezi ezinye izindlela zokwenza into ethandwa ukwenziwa izingane ezinocuku, zisheshe ziyiyeke. Uma bebona ngathi awunayo indaba, bavele bafune omunye ocukuluzekayo. 

Okuhle ngalesigaba sika Sub-B, ngase ngikwazi ukusho ekhaya ukuthi ngifundeni eskoleni, yize ngangixakwa ukupela amagama.

🎵

Goeie more kinders

Goeie more my vrou

Hoe gaan dit met julle?

Goed dankie my vrou

La la la la la la 🎵 La la la la la la

La la la la la la 🎵 La la la la la la

Ngase ngifikile ezandleni zikathisha wami wok'qala we Afrikaans, uMa'am Zondi,  ngekathi ngifunda ukucula lengoma kwa standard 1. 

Abafundi engibakhumbula kahle kulontaka ho, Prudence, Lindiwe, Edga, Delisile, Valerie, Busisiwe, Maria, Jabu, Khaya, Lucky...

Ngizolokhu ngibafaka umangibakhumbula💞


BAWEZEKde žijí příběhy. Začni objevovat